Ngomnyaka wamashumi amabili nantathu kaJowashi indodana ka-Ahaziya inkosi yakwaJuda uJehowahazi indodana kaJehu waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa.