UJehoyada, umpristi, wayesethatha umphongolo, wabhoboza imbobo esivalweni sawo, wawubeka eceleni kwe-altare ngakwesokunene lapho umuntu engena endlini kaJehova; abapristi abalinda umbundu bafaka khona yonke imali eyalethwa endlini kaJehova.