1 Usamuweli 29:3-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Zase zithi izikhulu zamaFilisti: “Ayini lawa maHeberu na?”U-Akhishi wathi kuzo izikhulu zamaFilisti: “Akusiye uDavide inceku kaSawule inkosi yakwa-Israyeli okade enami kulezi zinsuku nakule minyaka na? Angifumananga lutho kuye selokhu ahlubuka weza kimi kuze kube namuhla.”

4. Kepha izikhulu zamaFilisti zamthukuthelela; izikhulu zamaFilisti zathi kuye: “Buyisa lowo muntu ukuba abuyele endaweni yakhe ommise kuyo, angehleli nathi empini, funa abe yisitha sethu empini, ngokuba lona ubeyakuyigculisa ngani inkosi yakhe kungengamakhanda alawo madoda na?”

5. Lona akasiye uDavide ababehlabelela ngaye, besina bethi:“USawule ubulele izinkulungwane zakhe,kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi na?”

6. U-Akhishi wambiza uDavide, wathi kuye: “Kuphila kukaJehova, wena uqotho; ukuphuma kwakho nokungena kwakho nami empini kuhle emehlweni ami, ngokuba angifumananaga bubi kuwe kusukela osukwini lokufika kwakho kimi kuze kube namuhla; nokho emehlweni amakhosi awumuhle.

7. Ngalokho buya, uhambe ngokuthula, ungenzi okubi emehlweni amakhosi amaFilisti.”

8. UDavide wathi ku-Akhishi: “Kepha ngenzeni na? Ufumeneni encekwini yakho, kusukela osukwini engaba phambi kwakho ngalo kuze kube namuhla, ukuba ngingayi ukulwa nezitha zenkosi yami, inkosi, na?”

9. U-Akhishi waphendula, wathi kuDavide: “Ngiyazi ukuthi umuhle emehlweni ami njengengelosi kaNkulunkulu, nokho izikhulu zamaFilisti zishilo ukuthi: ‘Akayikukhuphuka, aye nathi empini.’

10. Ngalokho vuka ekuseni kusasa kanye nezinceku zenkosi yakho ezifike nawe; senivukile ekuseni kusasa, sekukhanya, hambani.”

11. UDavide wavuka ekuseni, yena nabantu bakhe, ukuba bahambe ekuseni, babuyele ezweni lamaFilisti. AmaFilisti enyukela eJizreyeli.

1 Usamuweli 29