1 Izikronike 8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Umndeni kaSawule wesizwe sakwaBenjamini

1. UBenjamini wazala uBela izibulo lakhe, no-Ashibeli owesibili, no-Ahara owesithathu,

2. noNoha owesine, noRafa owesihlanu.

3. UBela wayenamadodana: ngo-Adari, noGera, no-Abihudi,

4. no-Abishuwa, noNahamani, no-Ahowa,

5. noGera, noShefufani, noHuramu.

6. Nanka amadodana ka-Ehudi, izinhloko zezindlu zawoyise zabakhe eGeba, ezathunjelwa eManahati,

7. zathunjwa ngoNahamani, no-Ahiya, noGera owazala o-Uza no-Ahihudi.

8. UShaharayimi wazala abantwana ezweni lakwaMowabi esemukisile oHushimi noBahara omkakhe.

9. Wazala kuHodeshi umkakhe oJobabi, noSibiya, noMesha, noMalikamu,

10. noJewuse, noShakiya, noMirima. Labo babe ngamadodana akhe, izinhloko zezindlu zawoyise.

11. Wazala kuHushimi o-Abithubi no-Eliphahali.

12. Amadodana ka-Eliphahali: ngo-Ebere, noMishamu, noShemedi, abakha i-Ono neLodi nemizana yawo,

13. noBeriya, noShema, ababe yizinhloko zezindlu zawoyise zabakhe e-Ajaloni, abaxosha abakhe eGati;

14. no-Ahiyo, noShashaki, noJeremoti,

15. noZebadiya, no-Aradi, no-Edere,

16. noMikayeli, noJishipha, noJoha, amadodana kaBeriya,

17. noZebadiya, noMeshulamu, noHiziki, noHebere,

18. no-Ishmerayi, noJiziliya, noJobabi, amadodana ka-Eliphahali,

19. noJakimi, noZikiri, noZabidi,

20. no-Eliyenayi, noSilethayi, no-Eliyeli,

21. no-Adaya, noBeraya, noShimrati, amadodana kaShimeyi,

22. noJishiphani, no-Ebere, no-Eliyeli,

23. no-Abidoni, noZikiri, noHanani,

24. noHananiya, no-Elamu, no-Anithothiya,

25. no-Ifideya, noPhenuweli, amadodana kaShashaki,

26. noShamusherayi, noShehariya, no-Athaliya,

27. noJahareshiya, no-Eliya, noZikiri, amadodana kaJerohamu.

28. Labo babe yizinhloko zezindlu zawoyise, izinhloko ezizukulwaneni zabo, bahlala eJerusalema.

29. EGibeyoni kwahlala uyise kaGibeyoni ogama lomkakhe lalinguMahakha;

30. izibulo lakhe lalingu-Abidoni, kanye noSuri, noKishi, noBali, noNadabi,

31. noGedori, no-Ahiyo, noZekeri.

32. Kepha uMikiloti wazala uShimeya. Nabo bahlala nabafowabo eJerusalema malungana nabafowabo.

33. UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala oJonathani, noMaliki Shuwa, no-Abinadaba, no-Eshi Bali.

34. Indodana kaJonathani yayinguMeribi Bali; uMeribi Bali wazala uMika.

35. Amadodana kaMika: ngoPhithoni, noMeleki, noThareya, no-Ahazi.

36. U-Ahazi wazala uJehohada; uJehohada wazala o-Alemeti, no-Azimaveti, noZimri; uZimri wazala uMosa;

37. uMosa wazala uBineya; uRafa wayeyindodana yakhe; ngu-Eleyasa indodana yakhe, ngu-Aseli indodana yakhe;

38. u-Aseli wayenamadodana ayisithupha; amagama awo yilawa: o-Azirikamu, noBokeru, no-Ishmayeli, noShehariya, no-Obadiya, noHanani. Bonke labo babe ngamadodana ka-Aseli.

39. Amadodana ka-Esheki umfowabo: ngu-Ulamu izibulo lakhe, noJewushe owesibili, no-Elifeleti owesithathu.

40. Amadodana ka-Ulamu ayengamaqhawe anamandla, ansala umnsalo; ayenamadodana amaningi namadodana amadodana amaningi, eyikhulu namashumi ayisihlanu. Labo babe ngamadodana kaBenjamini.