1. UDavide welulekana nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nabaholi bonke.
2. UDavide wathi kulo lonke ibandla lakwa-Israyeli: “Uma kukuhle kini, uma kuvela kuJehova uNkulunkulu wethu, masihlakazeke sithumele kubafowethu abasele ezweni lonke lakwa-Israyeli kanye nabapristi namaLevi emizini yabo enamadlelo ukuba babuthane kithi,
3. sibuyisele kithi umphongolo kaNkulunkulu wethu, ngokuba asiwufunanga ezinsukwini zikaSawule.”
4. Lonke ibandla lathi liyakwenze njalo, ngokuba leyo nto yayilungile emehlweni abo bonke abantu.
5. UDavide wayesebutha wonke u-Israyeli kusukela eSihori laseGibithe kuze kube sekuyeni eHamati ukususa umphongolo kaNkulunkulu eKiriyati Jeharimi.
6. UDavide wenyukela kanye naye wonke u-Israyeli eBahala, okungukuthi iKiriyati Jeharimi elalingelakwaJuda, ukukhuphula khona umphongolo kaNkulunkulu uJehova ohlezi phezu kwamakherubi,* owawubizwa ngegama lakhe.
7. Bawuhambisa umphongolo kaNkulunkulu ngengqukumbane entsha, bewukhipha endlini ka-Abinadaba; o-Uza no-Ahiyo bashayela ingqukumbane.
8. UDavide naye wonke u-Israyeli bathokoza ebusweni bukaNkulunkulu ngamandla onke ngamahubo, nangamahabhu,* nangezingubhu, nangezigubhu, nangamasimbali,* nangamacilongo.
9. Ekufikeni kwabo esibuyeni sikaKidoni u-Uza welula isandla sakhe ukubamba umphongolo, ngokuba izinkabi zashelela.
10. Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza, wamshaya, ngokuba welulela isandla emphongolweni; wafela khona lapho phambi kukaNkulunkulu.
11. UDavide wadabuka ngokuba uJehova emhlasele u-Uza, wayibiza leyo ndawo ngokuthi iPheresi-Uza* kuze kube namuhla.
12. UDavide wamesaba uNkulunkulu ngalolo suku; wathi: “Ngizakuletha kanjani umphongolo kaNkulunkulu kimi na?”
13. UDavide akawuyisanga umphongolo kuye emzini kaDavide, kepha wawubuyisela eceleni endlini ka-Obede Edomi umGiti.
14. Umphongolo kaNkulunkulu wahlala nabendlu ka-Obede Edomi endlini yakhe izinyanga ezintathu; uJehova wayibusisa indlu ka-Obede Edomi nakho konke anakho.