1. O-Adamu, noSeti, no-Enoshe,
2. noKhenani, noMahalalele, noJarede,
3. no-Enoke, noMetushela, noLameka,
4. noNowa, noShemi, noHamu, noJafete.
5. Amadodana kaJafete: ngoGomere, noMagoge, noMadayi, noJavani, noThubali, noMesheke, noTirase.
6. Amadodana kaGomere: ngo-Ashikenaze, noDifate, noThogarma.
7. Amadodana kaJavani: ngo-Elisha, noTharishishi, noKitimi, noRodanimi.
8. Amadodana kaHamu: ngoKushe, noMisirayimi, noPhuthi, noKhanani.
9. Amadodana kaKushe: ngoSeba, noHavila, noSabita, noRama, noSabitheka. Amadodana kaRama: ngoSheba noDedani.
10. UKushe wazala uNimrode; yena waqala ukuba ngonamandla emhlabeni.
11. UMisirayimi wazala amaLudi, nama-Anami, namaLehabi, namaNafetuhi,
12. namaPatrusi, namaKasuluhi, lapho kwavela khona amaFilisti, namaKafitori.
13. UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti,
14. namaJebusi, nama-Amori, namaGirigashi,
15. namaHivi, nama-Arki, namaSini,
16. nama-Arvadi, namaSemari, namaHamati.
17. Amadodana kaShemi: ngo-Elamu, no-Ashuri, no-Arpakishade, noLude, no-Aramu, no-Use, noHule, noGeteri, noMesheke.
18. U-Arpakishade wazala uShela; uShela wazala u-Ebere.
19. U-Ebere wazala amadodana amabili: igama lomunye lalinguPhelege,* ngokuba emihleni yakhe izwe ladatshulwa. Igama lomfowabo lalinguJokothane.
20. UJokothane wazala o-Alimodade, noShelefe, noHasaramavete, noJera,
21. noHadoramu, no-Uzali, noDikila,
22. no-Ebali, no-Abimayele, noSheba,
23. no-Ofiri, noHavila, noJobabi; bonke labo babe ngamadodana kaJokothane;
24. oShemi, no-Arpakishade, noShela,
25. no-Ebere, noPhelege, noRehu,
26. noSerugi, noNahori, noThera,
27. no-Abrama ongu-Abrahama.
28. Amadodana ka-Abrahama: ngo-Isaka no-Ishmayeli.
29. Lezi ziyizizukulwane zabo: izibulo lika-Ishmayeli uNebayoti, noKedari, no-Adibeli, noMibisamu,
30. noMishima, noDuma, noMasa, noHadadi, noThema,
31. noJeturu, noNafishi, noKhedema. Labo babe ngamadodana ka-Ishmayeli.
32. Amadodana kaKetura, isancinza sika-Abrahama: wazala oZimrani, noJokishani, noMedani, noMidiyani, no-Ishibaki, noShuwa. Amadodana kaJokishani: ngoSheba noDedani.
33. Amadodana kaMidiyani: ngo-Efa, no-Eferi, noHanoki, no-Abida, no-Elidaha. Bonke labo babe ngamadodana kaKetura.
34. U-Abrahama wazala u-Isaka. Amadodana ka-Isaka: ngo-Esawu no-Israyeli.
35. Amadodana ka-Esawu: ngo-Elifazi, noRehuweli, noJewushe, noJalamu, noKora.
36. Amadodana ka-Elifazi: ngoThemani, no-Omari, noSefi, noGathamu, noKenazi, noThimna, no-Amaleki.
37. Amadodana kaRehuweli: ngoNahati, noZera, noShama, noMiza.
38. Amadodana kaSeyiri: ngoLothani, noShobali, noSibeyoni, no-Ana, noDishoni, no-Eseri, noDishani.
39. Amadodana kaLothani: ngoHori noHomamu; udadewabo kaLothani wayenguThimna.
40. Amadodana kaShobali: ngo-Aliyani, noManahati, no-Ebali, noShefi, no-Onamu. Amadodana kaSibeyoni: ngo-Aya no-Ana.
41. Amadodana ka-Ana: nguDishoni. Amadodana kaDishoni: ngoHamrani, no-Eshibani, noJitrani, noKerani.
42. Amadodana ka-Eseri: ngoBilihani, noZahawana, noJahakhani. Amadodana kaDishani: ngo-Use no-Arana.
43. Lawa angamakhosi abusa ezweni lakwa-Edomi, kungakabusi nkosi phezu kwabantwana bakwa-Israyeli: uBela indodana kaBeyori. Igama lomuzi wakhe laliyiDinihaba.
44. Wafa uBela; uJobabi indodana kaZera waseBosira waba yinkosi esikhundleni sakhe.
45. Wafa uJobabi; uHushamu wasezweni labakwaThemani waba yinkosi esikhundleni sakhe.
46. Wafa uHushamu; uHadadi, indodana kaBedadi, owanqoba abakwaMidiyani ethafeni lakwaMowabi, waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyi-Aviti.
47. Wafa uHadadi; uSamla waseMasireka waba yinkosi esikhundleni sakhe.
48. Wafa uSamla; uShawule waseRehoboti ngaseMfuleni* waba yinkosi esikhundleni sakhe.
49. Wafa uShawule; uBali Hanani indodana ka-Akibori waba yinkosi esikhundleni sakhe.
50. Wafa uBali Hanani; uHadadi waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyiPhahi; igama lomkakhe lalinguMehetabeli indodakazi kaMatiredi, indodakazi kaMezahabi.
51. Wafa uHadadi; abanumzane bakwa-Edomi kwakuyilaba: umnumzane uThimna, nomnumzane u-Aliya, nomnumzane uJeteti,
52. nomnumzane u-Oholibama, nomnumzane u-Ela, nomnumzane uPhinoni,
53. nomnumzane uKenazi, nomnumzane uThemani, nomnumzane uMibisari,
54. nomnumzane uMagidiyeli, nomnumzane u-Iramu. Yilabo abangabanumzane bakwa-Edomi.