26. Uhlonze lwalo lwalungangobubanzi besandla; udini lwalo lwalwenziwe njengodini lwendebe lunjengembali yomnduze; lwalulingene namabhati* ayizinkulungwane ezimbili.
27. Wenza izinqe eziyishumi zethusi; ubude besinqe sisinye babuyizingalo ezine, nobubanzi baso babuyizingalo ezine, nokuphakama kwaso kwakuyizingalo ezintathu.
28. Lezo zinqe zazenziwe kanje: zazinezindini; izindini zaziphakathi kwezinsiko;
29. kuzo izindini ezaziphakathi kwezinsiko kwakukhona izingonyama, nezinkabi, namakherubi;* kwakunjalo nakuzo izinsiko phezulu; phansi kwezingonyama nezinkabi kwakukhona imigexo elengayo yezimbali.
30. Yileso naleso sinqe sasinamasondo amane ethusi, nama-asi ethusi; lezi zinyawo ezine zazinamahlombe okuthwala; lawo mahlombe ayebunjiwe phansi komcengezi, enemigexo yezimbali ebhekene nawo onke.
31. Umlomo waso wawuphakathi kwesihloko; ukuphakama kwawo kwakuyingalo; umlomo wawo wawuyisiyingelezi njengokwenziwa kwesinqe, uyingalo nenxenye; nasemlonyeni kwakukhona okubaziweyo; izindini zawo zaziyizinhlangothi ezine, zingesiso isiyingelezi.
32. Lawo masondo amane ayephansi kwezindini; imbambelela yama-asi amasondo yayisesinqeni; ukuphakama kwesondo kwakuyingalo nenxenye.
33. Amasondo ayenziwe njengesondo lenqola; izimbambelela zawo zama-asi, namabhande* awo, nezipokwe* zawo, namanamfu* awo kwakubunjiwe konke.
34. Kwakukhona amahlombe okuthwala emagumbini omane aleso naleso sinqe, izingalo zihlangene nesinqe.
35. Phezu kwesinqe kwakukhona okuyisiyingelezi nxazonke; ukuphakama kwakho kwakuyinxenye yengalo, nezimbambelela zakho nezindini zakho zazihlangene nakho.