kuzo izindini ezaziphakathi kwezinsiko kwakukhona izingonyama, nezinkabi, namakherubi;* kwakunjalo nakuzo izinsiko phezulu; phansi kwezingonyama nezinkabi kwakukhona imigexo elengayo yezimbali.