Umlomo waso wawuphakathi kwesihloko; ukuphakama kwawo kwakuyingalo; umlomo wawo wawuyisiyingelezi njengokwenziwa kwesinqe, uyingalo nenxenye; nasemlonyeni kwakukhona okubaziweyo; izindini zawo zaziyizinhlangothi ezine, zingesiso isiyingelezi.