Uzefaniya 1:9-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Ngalolo suku ngiyakuhambela bonke abeqa umbundu,begcwalisa indlu yamakhosi abo ngobudlova nangenkohliso.

10. “Ngalolo suku,” usho uJehova,“kuyakuba khona izwi lokukhala,livela eSangweni Lezinhlanzi,nokuhhewula,kuvela eNxenyeni Yesibili,nokufahlazeka okukhulu,kuvela emagqumeni.

11. Hhewulani nina enakhe esiGqulweni,ngokuba bonke abantu abathengisayo bachithekile,bonke abathweswe isiliva banqunyiwe.

12. Kuyakuthi ngaleso sikhathi ngicwaninge iJerusalema ngezibani,ngihambele abantu abajiyile enhleseni yabo,abathi ezinhliziyweni zabo:UJehova akenzi okuhle,akenzi nokubi.

13. Ingcebo yabo iyakuba yimpango,nezindlu zabo incithakalo;bayakwakha izindlu,kepha abayikuhlala kuzo,batshale izivini,bangaliphuzi kodwa iwayini lazo.

14. “Usuku olukhulu lukaJehova luseduze;luseduze, lushesha kakhulu;umsindo wosuku lukaJehova uyababa,neqhawe liyahhewula khona.

15. Lolo suku lungusuku lolaka,usuku lokuhlupheka nolosizi,usuku lwencithakalo nolokuyize,usuku lobumnyama nolwesigayegaye,usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu,

16. usuku lwecilongo nolokuhlaba umkhosingasemizini ebiyelweyonasemibhoshongweni yasezingosini.

17. Ngiyakucindezela abantu,bahambe njengezimpumputhe,ngokuba bonile kuJehova;igazi labo liyakuthululwa njengothuli,nenyama yabo njengomquba.

18. Nasiliva labo nagolide labo akuyikuba namandla okubophulangosuku lwentukuthelo lukaJehova,kepha umhlaba wonke uyakudliwa ngumlilo womhawu wakhe,ngokuba uyakuqeda,yebo, aqede ngokuzumayo bonke abakhileyo ezweni.”

Uzefaniya 1