11. Nawe, ngenxa yegazi lesivumelwano sakho,ngikhiphile iziboshwa zakho emgodini okungekho kuwo amanzi.
12. Buyelani enqabeni, ziboshwa esezinethemba;namuhla ngiyanitshela ukuthi ngiyakubuyisela kini okuphindwe kabili.
13. Ngokuba ngizigobela uJuda njengomnsalo,ngibeka u-Efrayimi kuwo,ngivusela amadodana akho, Siyoni,kumadodana akho, Javani,ngikwenze inkemba yeqhawe.
14. UJehova abesebonakala phezu kwabo,umcibisholo wakhe uphume njengonyazi;iNkosi uJehova iyakubetha icilongo,ihambe ngezivunguvungu zaseningizimu.
15. UJehova Sebawoti uyakubavikela,badle, banyathele phansi amatshe endwayimana;bayakuphuza igazi labo njengewayini,bagcwale njengemikhele,njengamagumbi e-altare.
16. UJehova uNkulunkulu wabo uyakubasindisa ngalolo sukunjengomhlambi wabantu bakhe,ngokuba bangamatshe omqhele abengezela phezu kwezwe lakhe.
17. Yeka ubuhle balo!Yeka ukubukeka kwalo!Amabele abo ayakuhlumisa izinsizwa zalo,newayini elisha izintombi zalo.