1. Isiprofetho sezwi likaJehova phezu kwezwe lakwaHadiraki; nalo iDamaseku liyakuba yindawo yokuhlala kwaso, ngokuba uJehova uneso kubantu, ikakhulu kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli,
2. kanye neHamati elikhawula kulo, neTire neSidoni, ngokuba kuhlakaniphile kakhulu.
3. ITire lazakhela inqaba,lanqwabela isiliva njengothuli,negolide elicwengekileyo njengodaka lwasezitaladini.
4. Bheka, iNkosi iyakulaphuca,iphonse imfuyo yalo elwandle,lona lidliwe ngumlilo.
5. I-Ashikeloni liyakukubona, lesabe,neGaza futhi, bese lithuthumela kakhulu,kanye ne-Ekroni, ngokuba ukwethemba kwalo kuyakujabha;inkosi iyakubhubha eGaza,ne-Ashikeloni aliyikuhlalwa.
6. E-Ashidodi kuyakuhlala umntwana wesihlahla;ngiyakunquma ukuziphakamisa kwamaFilisti.