6. Kuyakuthi ngalolo suku kungabikho ukukhanya, amakhaza nesithwathwa kuphela.
7. Kuyakuba lusuku ngokwalo olwaziwa nguJehova, kungabi yimini, kungabi ngubusuku, kepha kube ngukukhanya ngesikhathi sokuhlwa.
8. Kuyakuthi ngalolo suku kuphume amanzi aphilayo eJerusalema, inxenye yawo ngaselwandle lwasempumalanga, inxenye yawo ngaselwandle lwasentshonalanga, kube sehlobo nasebusika.
9. UJehova uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke; ngalolo suku uJehova uyakuba munye, negama lakhe libe linye.
10. Lonke izwe liyakuphenduka ithafa kusukela eGeba kuze kube seRimoni ngaseningizimu kwaseJerusalema; liyakuphakanyiswa, lihlale endaweni yalo, kusukela eSangweni likaBenjamini kuze kube sendaweni yesango lakuqala, kuze kube seSangweni Lasegumbini, kusukela eMbhoshongweni kaHananeli kuze kube sesikhamweni sewayini senkosi.
11. Kuyakuhlalwa kulo, kungabe kusabakho siqalekiso, kepha iJerusalema liyakuhlala ngokulondeka.
12. Yikho okuyakuba ngukushaya uJehova ayakushaya ngakho bonke abantu abalwe neJerusalema: inyama yabo iyakudleka besemi ngezinyawo zabo, namehlo abo ayakuphelela ezikhoxeni zawo, ulimi lwabo ludleke emlonyeni wabo.
13. Kuyakuthi ngalolo suku kube phakathi kwabo isidumo esikhulu esivela kuJehova, babambe, kube yilowo nalowo isandla somakhelwane wakhe, isandla sakhe sivukele isandla somakhelwane wakhe.
14. NoJuda uyakulwa eJerusalema, kubuthwe ingcebo yazo zonke izizwe ezizungezileyo, igolide, nesiliva, nezambatho, kube kuningi kakhulu.
15. Kuyakuba njalo ukushaywa kwamahhashi, neminyuzi,* namakamela nezimbongolo, nazo zonke izilwane, okuyakuba khona kulawo makamu,* njengalokho kushaywa.
16. Kuyakuthi bonke abaseleyo ezizweni zonke ezazilifikela iJerusalema bakhuphuke iminyaka ngeminyaka ukukhuleka eNkosini uJehova Sebawoti nokugubha umkhosi wamadokodo.
17. Kuyakuthi abangakhuphuki emindenini yomhlaba, baye eJerusalema ukukhuleka eNkosini uJehova Sebawoti, phezu kwabo kungabi yimvula.