Uzakariya 14:3-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. UJehova uyakuphuma, alwe nalabo bezizwe njengasosukwini lwempi yakhe ngosuku lokulwa.

4. Izinyawo zakhe ziyakuma ngalolo suku eNtabeni Yeminqumo ephambi kweJerusalema ngasempumalanga, iNtaba Yeminqumo iqhekezeke phakathi ngasempumalanga nangasentshonalanga, kube yisigodi esikhulu kakhulu; inxenye yentaba iyakuqhekezekela ngasenyakatho nenxenye ngaseningizimu.

5. Niyakubalekela esigodini sezintaba zami, ngokuba isigodi sezintaba siyakufinyelela e-Aseli, yebo, niyakubaleka njengalokho nabalekela ukuzamazama komhlaba ngezinsuku zika-Uziya inkosi yakwaJuda; lapho kuzakufika uJehova uNkulunkulu wami nabo bonke abangcwele kanye nawe.

6. Kuyakuthi ngalolo suku kungabikho ukukhanya, amakhaza nesithwathwa kuphela.

7. Kuyakuba lusuku ngokwalo olwaziwa nguJehova, kungabi yimini, kungabi ngubusuku, kepha kube ngukukhanya ngesikhathi sokuhlwa.

8. Kuyakuthi ngalolo suku kuphume amanzi aphilayo eJerusalema, inxenye yawo ngaselwandle lwasempumalanga, inxenye yawo ngaselwandle lwasentshonalanga, kube sehlobo nasebusika.

9. UJehova uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke; ngalolo suku uJehova uyakuba munye, negama lakhe libe linye.

10. Lonke izwe liyakuphenduka ithafa kusukela eGeba kuze kube seRimoni ngaseningizimu kwaseJerusalema; liyakuphakanyiswa, lihlale endaweni yalo, kusukela eSangweni likaBenjamini kuze kube sendaweni yesango lakuqala, kuze kube seSangweni Lasegumbini, kusukela eMbhoshongweni kaHananeli kuze kube sesikhamweni sewayini senkosi.

11. Kuyakuhlalwa kulo, kungabe kusabakho siqalekiso, kepha iJerusalema liyakuhlala ngokulondeka.

12. Yikho okuyakuba ngukushaya uJehova ayakushaya ngakho bonke abantu abalwe neJerusalema: inyama yabo iyakudleka besemi ngezinyawo zabo, namehlo abo ayakuphelela ezikhoxeni zawo, ulimi lwabo ludleke emlonyeni wabo.

13. Kuyakuthi ngalolo suku kube phakathi kwabo isidumo esikhulu esivela kuJehova, babambe, kube yilowo nalowo isandla somakhelwane wakhe, isandla sakhe sivukele isandla somakhelwane wakhe.

14. NoJuda uyakulwa eJerusalema, kubuthwe ingcebo yazo zonke izizwe ezizungezileyo, igolide, nesiliva, nezambatho, kube kuningi kakhulu.

15. Kuyakuba njalo ukushaywa kwamahhashi, neminyuzi,* namakamela nezimbongolo, nazo zonke izilwane, okuyakuba khona kulawo makamu,* njengalokho kushaywa.

Uzakariya 14