Uzakariya 11:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Vula iminyango yakho, Lebanoni,ukuba umlilo udle imisedari* yakho.

2. Hhewula, msayipuresi,*ngokuba umsedari* uyawa,ngokuba emihle iyachithwa;hhewulani nina ma-oki* aseBashani,ngokuba ihlathi elingenakudatshulwa liyawa.

3. Izwi lokukhala kwabelusi!ngokuba udumo lwabo luyachithwa;izwi lokubhonga kwamabhongo ezingonyama!ngokuba ubuhle beJordani buyaqothulwa.

4. Usho kanje uJehova uNkulunkulu wami, uthi: “Yalusa izimvu zokuhlatshwa,

5. ezibathengi bazo bazihlaba, bengazithwesi icala bona kodwa, nezibathengisi bazo bathi: ‘Makabongwe uJehova, ngokuba ngiceba njalo,’ nezibelusi bazo bangazihawukeli.

6. Ngokuba angisayikubahawukela abakhileyo ezweni,” usho uJehova, “kepha bheka, ngiyakunikela abantu, kube yilowo nalowo esandleni somakhelwane wakhe nasesandleni senkosi yakhe; bona bayakushaya izwe labo, kepha angiyikubophula esandleni sabo.”

Uzakariya 11