8. Kwathi phakathi kwamabili yethuka leyo ndoda, yaphenduka; bheka, kwakulele owesifazane ngasezinyaweni zayo.
9. Yathi: “Ungubani?”Wathi: “NginguRuthe incekukazi yakho; yembesa incekukazi yakho umphetho wengubo yakho, ngokuba ungumhlengi.”
10. Yathi: “Mawubusiswe nguJehova, ndodakazi yami; ubonakalisile umusa ekugcineni kakhulu kunasekuqaleni, ngokuba awulandelanga izinsizwa, noma zimpofu noma zicebile.
11. Manje, ndodakazi yami, ungesabi; ngiyakukwenzela konke okushoyo, ngokuba wonke umuzi wabantu bakithi uyazi ukuthi ungowesifazane olungileyo.
12. Yebo, kuqinisile ukuthi ngingumhlengi, kepha kukhona umhlengi omkhulu kunami.
13. Hlala lobu busuku; kuyakuthi ekuseni, uma ekuhlenga, kulungile, makakuhlenge; kepha uma engathandi ukukuhlenga, mina ngiyakukuhlenga, kuphila kukaJehova; lala kuze kuse.”
14. Walala ngasezinyaweni zakhe kwaze kwasa, wavuka bengakazani. Ngokuba yathi: “Makungaziwa ukuthi owesifazane wafika esibuyeni.”
15. Yayisithi: “Letha ingubo ephezu kwakho, uyibambe.” Wayibamba, yalinganisa kasithupha ibhali,* yamthwesa lona, wangena emzini.
16. Wafika kuninazala; wathi yena: “Ungubani, ndodakazi yami?”Wamtshela konke leyo ndoda ebimenzele khona.
17. Wathi: “Ingiphile lezi zilinganiso eziyisithupha zebhali,* ngokuba yathi kimi: ‘Ungayi kunyokozala ungaphethe lutho.’ ”