Uruthe 3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

URuthe engasezinyaweni zikaBowazi

1. UNawomi uninazala wathi kuye: “Ndodakazi yami, angiyikukufunela ukuphumula ukuba kube kuhle kuwe na?

2. Angithi uBowazi owawunamantombazana akhe uyisihlobo sethu na? Bheka, uyela ibhali* kusihlwa esibuyeni.

3. Ngakho-ke geza, ugcobe, ugqoke isambatho sakho, wehlele esibuyeni, kepha ungazazisi kulowo muntu, aze aqede ukudla nokuphuza.

4. Kuyakuthi nxa eselala, uqaphele indawo ayakulala kuyo, ungene, wambule izinyawo zakhe, ulale; uyakukutshela lokhu oyakukwenza.”

5. Wathi kuye: “Konke okushoyo ngiyakukwenza.”

6. Wehlela esibuyeni, wenza njengakho konke amyale ngakho uninazala.

7. UBowazi wadla waphuza, inhliziyo yakhe yathokoza, waya ukulala ngasekugcineni kwenqwaba yamabele; wafika kahle, wambula izinyawo zakhe, walala.

8. Kwathi phakathi kwamabili yethuka leyo ndoda, yaphenduka; bheka, kwakulele owesifazane ngasezinyaweni zayo.

9. Yathi: “Ungubani?”Wathi: “NginguRuthe incekukazi yakho; yembesa incekukazi yakho umphetho wengubo yakho, ngokuba ungumhlengi.”

10. Yathi: “Mawubusiswe nguJehova, ndodakazi yami; ubonakalisile umusa ekugcineni kakhulu kunasekuqaleni, ngokuba awulandelanga izinsizwa, noma zimpofu noma zicebile.

11. Manje, ndodakazi yami, ungesabi; ngiyakukwenzela konke okushoyo, ngokuba wonke umuzi wabantu bakithi uyazi ukuthi ungowesifazane olungileyo.

12. Yebo, kuqinisile ukuthi ngingumhlengi, kepha kukhona umhlengi omkhulu kunami.

13. Hlala lobu busuku; kuyakuthi ekuseni, uma ekuhlenga, kulungile, makakuhlenge; kepha uma engathandi ukukuhlenga, mina ngiyakukuhlenga, kuphila kukaJehova; lala kuze kuse.”

14. Walala ngasezinyaweni zakhe kwaze kwasa, wavuka bengakazani. Ngokuba yathi: “Makungaziwa ukuthi owesifazane wafika esibuyeni.”

15. Yayisithi: “Letha ingubo ephezu kwakho, uyibambe.” Wayibamba, yalinganisa kasithupha ibhali,* yamthwesa lona, wangena emzini.

16. Wafika kuninazala; wathi yena: “Ungubani, ndodakazi yami?”Wamtshela konke leyo ndoda ebimenzele khona.

17. Wathi: “Ingiphile lezi zilinganiso eziyisithupha zebhali,* ngokuba yathi kimi: ‘Ungayi kunyokozala ungaphethe lutho.’ ”

18. Wathi: “Hlala, ndodakazi yami, uze wazi ukuba le ndaba iyakuphethelaphi, ngokuba leyo ndoda ayiyikuphumula ingakaqedi indaba namuhla.”