1. UNawomi uninazala wathi kuye: “Ndodakazi yami, angiyikukufunela ukuphumula ukuba kube kuhle kuwe na?
2. Angithi uBowazi owawunamantombazana akhe uyisihlobo sethu na? Bheka, uyela ibhali* kusihlwa esibuyeni.
3. Ngakho-ke geza, ugcobe, ugqoke isambatho sakho, wehlele esibuyeni, kepha ungazazisi kulowo muntu, aze aqede ukudla nokuphuza.
4. Kuyakuthi nxa eselala, uqaphele indawo ayakulala kuyo, ungene, wambule izinyawo zakhe, ulale; uyakukutshela lokhu oyakukwenza.”
5. Wathi kuye: “Konke okushoyo ngiyakukwenza.”
6. Wehlela esibuyeni, wenza njengakho konke amyale ngakho uninazala.
7. UBowazi wadla waphuza, inhliziyo yakhe yathokoza, waya ukulala ngasekugcineni kwenqwaba yamabele; wafika kahle, wambula izinyawo zakhe, walala.
8. Kwathi phakathi kwamabili yethuka leyo ndoda, yaphenduka; bheka, kwakulele owesifazane ngasezinyaweni zayo.
9. Yathi: “Ungubani?”Wathi: “NginguRuthe incekukazi yakho; yembesa incekukazi yakho umphetho wengubo yakho, ngokuba ungumhlengi.”
10. Yathi: “Mawubusiswe nguJehova, ndodakazi yami; ubonakalisile umusa ekugcineni kakhulu kunasekuqaleni, ngokuba awulandelanga izinsizwa, noma zimpofu noma zicebile.
11. Manje, ndodakazi yami, ungesabi; ngiyakukwenzela konke okushoyo, ngokuba wonke umuzi wabantu bakithi uyazi ukuthi ungowesifazane olungileyo.
12. Yebo, kuqinisile ukuthi ngingumhlengi, kepha kukhona umhlengi omkhulu kunami.
13. Hlala lobu busuku; kuyakuthi ekuseni, uma ekuhlenga, kulungile, makakuhlenge; kepha uma engathandi ukukuhlenga, mina ngiyakukuhlenga, kuphila kukaJehova; lala kuze kuse.”
14. Walala ngasezinyaweni zakhe kwaze kwasa, wavuka bengakazani. Ngokuba yathi: “Makungaziwa ukuthi owesifazane wafika esibuyeni.”
15. Yayisithi: “Letha ingubo ephezu kwakho, uyibambe.” Wayibamba, yalinganisa kasithupha ibhali,* yamthwesa lona, wangena emzini.