9. “ ‘Uma umuntu efa ngokuzumayo eceleni kwakhe, angcolise ikhanda lobuNaziri bakhe, uyakuphucula ikhanda lakhe ngosuku lokuhlanjululwa kwakhe, aliphucule ngosuku lwesikhombisa.
10. Ngosuku lwesishiyagalombili uyakuletha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba kumpristi ngasemnyango wetende lokuhlangana;
11. umpristi uyakunikela ngelinye libe ngumnikelo wesono nangelinye libe ngumnikelo wokushiswa, amenzele ukubuyisana, ngokuba wona ngenxa yofileyo; abesengcwelisa ikhanda lakhe ngalolo suku.
12. Uyakwahlukanisela kuJehova izinsuku zobuNaziri bakhe, alethe imvu yeduna enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wecala; kepha izinsuku zakuqala ziyakuba yize, ngokuba ubuNaziri bakhe bungcolisiwe.
13. “ ‘Nanku umthetho womNaziri lapho izinsuku zobuNaziri bakhe seziphelele wokuthi uyakulethwa emnyango wetende lokuhlangana,
14. anikele ngomnikelo wakhe kuJehova, imvu yeduna enomnyaka munye engenasici ibe ngumnikelo wokushiswa, neyensikazi enomnyaka munye engenasici ibe ngumnikelo wesono, nenqama engenasici ibe ngumnikelo wokuthula,
15. neqoma lesinkwa esingenamvubelo, amaqebelengwane empuphu ecolekileyo exovwe namafutha, nemiqathane engenamvubelo, egcotshwe ngamafutha, nomnikelo wempuphu nowokuphuzwa walokho.
16. “ ‘Umpristi uyakukuletha phambi kukaJehova, anikele ngomnikelo wakhe wesono nangowokushiswa wakhe.
17. Uyakunikela ngenqama ibe ngumhlatshelo womnikelo wokuthula kaJehova kanye neqoma lesinkwa esingenamvubelo; futhi umpristi anikele ngomnikelo wayo wempuphu nangomnikelo wayo wokuphuzwa.
18. “ ‘UmNaziri uyakuphucula ikhanda lobuNaziri bakhe ngasemnyango wetende lokuhlangana, athathe izinwele zekhanda lobuNaziri bakhe, azibeke emlilweni ophansi komhlatshelo weminikelo yokuthula.
19. “ ‘Umpristi uyakuthabatha umkhono ophekiweyo wenqama, neqebelengwane eqomeni, nomqathane ongenamvubelo, akufake ezandleni zomNaziri, nxa esephuculile ubuNaziri bakhe,
20. umpristi akuzulise, kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; lokhu kungcwele kumpristi kanye nesifuba sokuzuliswa nethanga lokuphakanyiswa; emva kwalokho umNaziri angaphuza iwayini.