Uyakunikela ngenqama ibe ngumhlatshelo womnikelo wokuthula kaJehova kanye neqoma lesinkwa esingenamvubelo; futhi umpristi anikele ngomnikelo wayo wempuphu nangomnikelo wayo wokuphuzwa.