Unumeri 31:34-52 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

34. nezimbongolo eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nanye,

35. nabantu, abesifazane abangazangandoda ngokulala nayo, abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili, bebonke.

36. Nenxenye eyayiyisabelo sabaphuma impi umumo wayo wawuyizimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa namakhulu ayisihlanu,

37. nentela kaJehova yezimvu yayingamakhulu ayisithupha namashumi ayisikhombisa nanhlanu.

38. Izinkomo zaziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesithupha, intela kaJehova kuzo ingamashumi ayisikhombisa nambili.

39. Izimbongolo zaziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu namakhulu ayisihlanu, intela kaJehova kuzo ingamashumi ayisithupha nanye.

40. Abantu babe yizinkulungwane eziyishumi nesithupha, intela kaJehova kubo ingamashumi amathathu nambili.

41. UMose wamnika u-Eleyazare umpristi intela eyayingumnikelo wokuphakanyiswa kaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.

42. Enxenyeni yabantwana bakwa-Israyeli uMose ayahlukanisa neyamadoda ayelwile

43. inxenye yenhlangano yayiyizimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa namakhulu ayisihlanu,

44. nezinkomo eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesithupha,

45. nezimbongolo eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu namakhulu ayisihlanu,

46. nabantu abayizinkulungwane eziyishumi nesithupha

47. yebo, kule nxenye yabantwana bakwa-Israyeli uMose wathatha kube kunye emashumini ayisihlanu, awabantu nawezilwane, wakunika amaLevi agcina inkonzo yetabernakele* likaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.

48. Iziphathimandla ezaziphezu kwezinkulungwane zebandla, izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, zasondela kuMose, zathi kuMose:

49. “Izinceku zakho zibale onke amadoda empi asesandleni sethu, akwasala neyodwa yethu.

50. Silethile umnikelo kaJehova, kwaba yilowo nalowo lokho akutholileyo, izinto zegolide, nezigqizo, namasongo, nezindandatho, namacici, nemigexo ukuyenzela imiphefumulo yethu ukubuyisana phambi kukaJehova.”

51. OMose no-Eleyazare bamukela igolide kubo, namagugu asetshenziweyo.

52. Lonke igolide lomnikelo wokuphakanyiswa abanikela ngalo kuJehova, elezinduna zezinkulungwane nelezinduna zamakhulu, lalingamashekeli* ayizinkulungwane eziyishumi nesithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisihlanu.

Unumeri 31