Lonke igolide lomnikelo wokuphakanyiswa abanikela ngalo kuJehova, elezinduna zezinkulungwane nelezinduna zamakhulu, lalingamashekeli* ayizinkulungwane eziyishumi nesithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisihlanu.