Unumeri 26:53-65 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

53. “Izwe liyakwahlukaniselwa bona labo, libe yifa labo njengokomumo wamagama.

54. Abaningi uyakubanika ifa elikhulu, abayingcosana uyakubanika ifa elincane, yilowo nalowo anikwe ifa ngokwababalwayo kuye.

55. Izwe liyakwahlukaniswa nokho ngenkatho; bayakulidla ifa ngokwamagama ezizwe zawoyise.

56. Ngokwenkatho izwe liyakwahlukaniswa phakathi kwabaningi nabayingcosana.”

57. Nampa ababalwayo babaLevi ngemindeni yawo:kwaGereshoni: ngumndeni wakwaGereshoni;kwaKohati: ngumndeni wakwaKohati;kwaMerari: ngumndeni wakwaMerari.

58. Nansi imindeni yamaLevi:ngumndeni wakwaLibini,nomndeni wakwaHebroni,nomndeni wakwaMaheli,nomndeni wakwaMushi,nomndeni wakwaKora.UKohati wazala u-Amramu.

59. Igama lomka-Amramu lalinguJokebedi indodakazi kaLevi, owazalelwa uLevi eGibithe; wazalela u-Amramu o-Aroni noMose noMiriyamu udadewabo.

60. U-Aroni wazala oNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.

61. ONadabi no-Abihu bafa, lapho benikela ngomlilo ongafanele phambi kukaJehova.

62. Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngokuba ababalwanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lokhu abanikwanga ifa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.

63. Yilabo ababalwa nguMose nangu-Eleyazare umpristi ababala abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.

64. Kepha phakathi kwalabo kwakungekho muntu wababebaliwe nguMose nangu-Aroni umpristi, ababala abantwana bakwa-Israyeli ehlane laseSinayi.

65. Ngokuba uJehova wayeshilo ngabo wathi: “Bayakufa nokufa ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.

Unumeri 26