Unumeri 26:46-49 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

46. Igama lendodakazi ka-Asheri lalinguSera.

47. Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Asheri ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane.

48. Amadodana kaNafetali ngemindeni yawo:kwaJaseli: ngumndeni wakwaJaseli;kwaGuni: ngumndeni wakwaGuni;

49. kwaJeseri: ngumndeni wakwaJeseri;kwaShilemi: ngumndeni wakwaShilemi.

Unumeri 26