Unumeri 26:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi emva kwaleso sifo uJehova wakhuluma kuMose naku-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi, wathi:

2. “Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngezindlu zawoyise, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi.”

3. OMose no-Eleyazare umpristi bakhuluma nabo emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, bathi:

Unumeri 26