Unumeri 24:14-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Bheka manje, ngibuyela kubantu bakithi; woza ngikumemezelele ukuthi laba bantu bayakwenzani kubantu bakini ngezinsuku ezizayo.”

15. Wayesethatha isisho sakhe, wathi:“UBileyamu indodana kaBeyori uthi,umuntu oso lakhe livuliwe uthi,

16. ozwileyo amazwi kaNkulunkulu,owazi ukwazi koPhezukonke,obonile umbono kaSomandla,ewela phansi, kuvulwe amehlo akhe, uthi:

17. “Ngiyambona, kepha kungemanje;ngiyambheka, kodwa kungeseduze;kuyakuvela inkanyezi kuJakobe,nentonga yobukhosi iyakuvuka kwa-Israyeli,ishaye uMowabi emaceleni,ichithe onke amadodana kaSheti.

18. U-Edomi uyakuba yifa;uSeyiri uyakuba yifa naye,owayengowezitha zakhe,u-Israyeli esenza okubuqhawe.

19. Uyakuvela kuJakobe,achithe insali emzini.”

20. Wayesembuka u-Amaleki, wathatha isisho sakhe, wathi:“U-Amaleki wayengesokuqala sezizwe,kepha ukugcina kwakhe kungukubhubha.”

21. Wayesewabuka amaKheni, wathatha isisho sakhe, wathi:“Inamandla indawo yakho yokuhlala;isidleke sakho simisiwe edwaleni.

22. Nokho uKayini uyakuchithwauze uthunjwe ngu-Ashuri.”

23. Wathatha isisho sakhe, wathi:“Maye, ngubani oyakuphila,lapho uNkulunkulu ekwenza lokhu, na?

Unumeri 24