Unumeri 24:12-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. UBileyamu wathi kuBalaki: “Angikhulumanga yini kuzo izithunywa zakho owazithuma kimi ukuthi:

13. ‘Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakulidlula izwi likaJehova ngenhliziyo yami ukwenza okuhle noma okubi; akukhulumayo uJehova lokhu ngiyakukukhuluma,’ na?

14. Bheka manje, ngibuyela kubantu bakithi; woza ngikumemezelele ukuthi laba bantu bayakwenzani kubantu bakini ngezinsuku ezizayo.”

15. Wayesethatha isisho sakhe, wathi:“UBileyamu indodana kaBeyori uthi,umuntu oso lakhe livuliwe uthi,

16. ozwileyo amazwi kaNkulunkulu,owazi ukwazi koPhezukonke,obonile umbono kaSomandla,ewela phansi, kuvulwe amehlo akhe, uthi:

17. “Ngiyambona, kepha kungemanje;ngiyambheka, kodwa kungeseduze;kuyakuvela inkanyezi kuJakobe,nentonga yobukhosi iyakuvuka kwa-Israyeli,ishaye uMowabi emaceleni,ichithe onke amadodana kaSheti.

18. U-Edomi uyakuba yifa;uSeyiri uyakuba yifa naye,owayengowezitha zakhe,u-Israyeli esenza okubuqhawe.

19. Uyakuvela kuJakobe,achithe insali emzini.”

Unumeri 24