Unumeri 21:22-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. “Ake sidabule izwe lakho; asiyikuchezukela emasimini noma ezivinini, singaphuzi amanzi emithombo; siyakuhamba ngomgwaqo wenkosi, size sidlule umkhawulo wakho.”

23. USihoni wayengamvumeli u-Israyeli ukudabula izwe lakhe, kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, waphuma eyomhlasela u-Israyeli ehlane, wafika eJahasi, walwa no-Israyeli.

24. U-Israyeli wamnqoba ngosiko lwenkemba, wadla izwe lakhe, kusukela e-Arinoni kuze kufike eJaboki nakubo abantwana bakwa-Amoni, ngokuba umkhawulo wabantwana bakwa-Amoni wawunamandla.

25. U-Israyeli wathatha yonke le mizi; u-Israyeli wahlala emizini yonke yama-Amori eHeshiboni nasemizini yonke yalo.

26. Ngokuba iHeshiboni lalingumuzi kaSihoni inkosi yama-Amori owayelwile nenkosi endala yakwaMowabi, wathatha lonke izwe lakhe esandleni sakhe kwaze kwafika e-Arinoni.

27. Ngalokho abakhulu ngezaga basho bathi:“Wozani eHeshiboni; makwakhiwe,umuzi kaSihoni umiswe;

28. ngokuba umlilo uphumile eHeshiboni;ilangabi livelile emzini kaSihoni;liqedile i-Ari lakwaMowabi nabakhe emadulini ase-Arinoni.

29. Maye kuwena Mowabi!Niphelile, nina bantu bakaKemoshi;unikele amadodana akhe abe ngababaleki,namadodakazi akhe athunjwe kuSihoni inkosi yama-Amori.

30. “Sibacibishele;iHeshiboni liphelile kuze kube seDiboni;sichithile kuze kube seNofa elingaseMedeba.”

31. Kanjalo u-Israyeli wahlala ezweni lama-Amori.

32. UMose wathuma ukuhlola iJazeri, bathatha imizi yalo, baxosha ama-Amori ayelapho.

33. Baphenduka, bakhuphuka ngendlela yaseBashani; u-Ogi inkosi yaseBashani waphuma, wabasukela, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuyokulwa ngase-Edireyi.

34. UJehova wathi kuMose: “Ningamesabi, ngokuba ngimnikele esandleni sakho kanye nabantu bakhe bonke nezwe lakhe; uyakwenza kuye njengalokho wenza kuSihoni inkosi yama-Amori owahlala eHeshiboni.”

35. Base bemnqoba-ke, namadodana akhe, nabo bonke abantu bakhe, waze wangasalelwa muntu; badla izwe lakubo.

Unumeri 21