1. UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:
2. “Lokhu kuyisimiso somthetho uJehova ayalile ngaso ukuthi: ‘Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe isithole esibomvu esingenasici, singenansolo, okungazange kubekwe ijoka phezu kwaso,
3. nisinike u-Eleyazare umpristi, yena asikhiphele ngaphandle kwekamu,* sihlatshwe phambi kwakhe;
4. u-Eleyazare umpristi uyakuthabatha igazi laso ngomunwe wakhe, afafaze kasikhombisa ngaphambi kwetende lokuhlangana ngegazi laso,
5. isithole sishiswe phambi kwakhe, isikhumba saso, nenyama yaso, negazi laso, kanye nomswani waso kushiswe;
6. umpristi uyakuthabatha umsedari,* nehisopi,* nendwangu ebomvu, akuphonse phakathi kokushayo kwesithole.
7. Umpristi useyakuhlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu,* umpristi abe ngongcolile kuze kuhlwe.
8. Osishisayo uyakuhlanza izingubo zakhe ngamanzi, ageze umzimba wakhe ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
9. “ ‘Umuntu ohlambulukileyo uyakubutha umlotha wesithole, awubekele ngaphandle kwekamu* endaweni ehlambulukileyo, ugcinelwe inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli kube ngamanzi okuphothula; kungumnikelo wesono.
10. Obutha umlotha wesithole uyakuhlanza izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe; kuyakuba yisimiso esiphakade kubantwana bakwa-Israyeli nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwabo.
11. “ ‘Othinta isidumbu somuntu uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa.
12. Uyakuziphothula ngawo ngosuku lwesithathu, nangosuku lwesikhombisa uyakuhlambuluka; kepha uma engaziphothuli ngosuku lwesithathu, akayikuhlambuluka ngosuku lwesikhombisa.
13. Yilowo nalowo othinta isidumbu somuntu ofileyo, angaziphothuli, uyangcolisa itabernakele* likaJehova; lowo muntu uyakunqunywa ku-Israyeli, ngokuba amanzi okuphothula akafafazwanga ngawo; uyakuba ngongcolile; ukungcola kwakhe kuse kuye.
14. “ ‘Nanku umthetho, uma umuntu efela etendeni: yilowo nalowo ongena etendeni nalowo osetendeni uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa.
15. Nazo zonke izitsha ezivulekileyo ezingenaso isisibekelo esiboshwe kuzo zingcolile.
16. “ ‘Yilowo nalowo othinta endle obulewe ngenkemba, noma isidumbu, noma ithambo lomuntu, noma ithuna, uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa.