Yilowo nalowo othinta isidumbu somuntu ofileyo, angaziphothuli, uyangcolisa itabernakele* likaJehova; lowo muntu uyakunqunywa ku-Israyeli, ngokuba amanzi okuphothula akafafazwanga ngawo; uyakuba ngongcolile; ukungcola kwakhe kuse kuye.