9. UMose wakhiphela bonke abantwana bakwa-Israyeli zonke izintonga ngaphambi kukaJehova, babheka, yilowo nalowo wathatha intonga yakhe.
10. UJehova wathi kuMose: “Buyisa intonga ka-Aroni ngaphambi kobufakazi, igcinwe ibe luphawu kubahlubuki, ukuze uqede ukukhonona kwabo ngami ukuba bangafi.”
11. UMose wenze njalo; njengalokho uJehova emyalile, wenze njalo-ke.
12. Abantwana bakwa-Israyeli bakhuluma kuMose, bathi: “Bheka, siyaphela, siyashabalala, sishabalala sonke.
13. Bonke abasondelayo abasondela etabernakele* likaJehova bayakufa; siyakuphela sonke na?”