Unehemiya 8:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Bonke abantu babuthana njengomuntu munye esigcawini esasiphambi kweSango Lamanzi; bakhuluma ku-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose, uJehova ayeyale ngawo u-Israyeli.

2. U-Ezra, umpristi, wawuletha umthetho phambi kwebandla, abesilisa nabesifazane nabo bonke ababe nengqondo yokuzwa, ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa.

3. Wafunda kuwo phambi kwesigcawu esasiphambi kweSango Lamanzi, kusukela ekuseni kuze kube semini, phambi kwabesilisa nabesifazane nababe nengqondo yokuzwa; izindlebe zabantu bonke zalalela incwadi yomthetho.

4. U-Ezra umbhali wayemi ebhesitulu* lamapulangwe ababelenzele lo mgomo; eceleni kwakhe kwakumi oMatithiya, noShema, no-Anaya, no-Uriya, noHilikiya, noMahaseya ngakwesokunene sakhe, nangakwesokhohlo sakhe ngoPhedaya, noMishayeli, noMalikhiya, noHashumi, noHashibadana, noZakariya, noMeshulamu.

5. U-Ezra wayivula incwadi emehlweni abantu bonke, ngokuba wayengaphezulu kwabantu bonke, nalapho eyivula, bonke abantu basukuma.

Unehemiya 8