3. Ngathuma izithunywa kubo, ngathi: “Ngisebenza umsebenzi omkhulu, anginakwehla; umsebenzi ubuyakumelani, ngiwuyeke, ngehlele kini, na?”
4. Bathumela kane kimi ngaleyo ndlela; ngabaphendula ngokunjalo.
5. USanibalati wayesethuma inceku yakhe kimi kanjalo ngokwesihlanu, iphethe incwadi evulekileyo esandleni sayo.
6. Kwakulotshwe kuyo ukuthi: “Kuzwakele ezizweni, naye uGashimu uthi wena nabaJuda nihlose ukuhlubuka, okungalokho uvusa ugange, ube yinkosi yabo; yebo, anjalo amazwi.
7. Futhi ubekile abaprofethi ukuba bashumayele ngawe eJerusalema ukuthi uyinkosi kwaJuda. Njengokuba lawo mazwi eyakuzwakala enkosini, mawuze, silulekane.”
8. Ngase ngithumela kuye, ngathi: “Azikho izinto ezinjengalezo ozishoyo; ziqanjwe nguwe enhliziyweni yakho.”
9. Ngokuba bonke babesethusa bethi: “Izandla zabo ziyakudangala emsebenzini ukuba ungenziwa.” Ngase ngikhuleka ngathi: “Kepha manje, Nkosi, qinisa izandla zami.”
10. Ngase ngiya endlini kaShemaya indodana kaDelaya kaMehetabeli owayezivalele. Wathi: “Masihlangane endlini kaNkulunkulu phakathi kwethempeli, sivale iminyango yethempeli, ngokuba bayakufika ukukubulala, yebo, ebusuku bayakufika bakubulale.”
11. Ngathi: “Umuntu onjengami abaleke na? Ngubani onjengami ongangena ethempelini, aphile, na? Angingeni.”
12. Ngaqonda ukuthi uNkulunkulu wayengamthumile, kepha wakhuluma leso siprofetho ngami eqashiwe ngoThobiya noSanibalati.
13. Wayeqashelwe lokhu kokuba ngesabe, ngenze kanjalo, ngone, babe nombiko omubi, bangijivaze.
14. Ngakhuleka ngathi: “Khumbula, Nkulunkulu wami, oThobiya noSanibalati ngalezo zenzo zabo, nomprofethikazi uNohadiya, nabanye abaprofethi, ababengesabisa.”