1. Kepha kwathi lapho uSanibalati esezwile ukuthi sabe siluvusa ugange, wathukuthela, wavutha ulaka, waklolodela abaJuda.
2. Wakhuluma phambi kwabafowabo nempi yaseSamariya, wathi: “Benzani laba baJuda abangenamandla na? Bayekwe bebodwa na? Bahlabe yini? Bakuqede ngosuku na? Bavuse amatshe emfuthumfuthwini yamabibi lokhu eshisiwe na?”
3. UThobiya wakwa-Amoni wayengakuye, wathi: “Yebo, nalokho abakwakhayo, uma kukhuphuka impungushe, iyakulubhidliza ugange lwamatshe abo.”
4. Ngase ngikhuleka ngathi: “Yizwa, Nkulunkulu wethu, ngokuba sidelelekile, ubuyisele inhlamba yabo phezu kwamakhanda abo, ubanikele ukuba baphangwe ezweni lokuthunjwa;
5. ungalisibekeli icala labo, masingesulwa isono sabo phambi kwakho, ngokuba bakucunulile ngaphambi kwabakhi.”
6. Sase sivusa-ke ugange; lonke ugange lwahlanganiswa kwaze kwagamanxa, ngokuba abantu babenenhliziyo yokusebenza.
7. Kepha kwathi oSanibalati, noThobiya, nabase-Arabiya, nabakwa-Amoni, nabase-Ashidodi sebezwa ukuthi ukulungiswa kwezingange zaseJerusalema kuyaqhubeka, nokuthi izimfa seziqale ukuvalwa, bathukuthela kakhulu,
8. benza ugobe ukuba baye ukulwa neJerusalema, balilimaze.
9. Kepha sakhuleka kuNkulunkulu wethu, sabamisela abalindi imini nobusuku ngenxa yabo.
10. UJuda wathi: “Amandla abathwalayo aphelile; amabibi maningi; asisenakuluvusa ugange.”
11. Abamelene nathi bathi: “Abayikwazi, abayikubona size sifike phakathi kwabo, sibabulale, sivimbe umsebenzi.”