Wakhuluma phambi kwabafowabo nempi yaseSamariya, wathi: “Benzani laba baJuda abangenamandla na? Bayekwe bebodwa na? Bahlabe yini? Bakuqede ngosuku na? Bavuse amatshe emfuthumfuthwini yamabibi lokhu eshisiwe na?”