3. Kwathi sebezwile umthetho, bahlukanisa no-Israyeli yonke ingxubevange.
4. Ngaphambi kwalokho u-Eliyashibi, umpristi, owayemiselwe amakamelo endlu kaNkulunkulu wethu, isihlobo sikaThobiya,
5. wayemlungisele ikamelo elikhulu, lapho kade bebeka khona iminikelo yempuphu, nenhlaka, nezitsha, nokweshumi kwamabele, newayini, namafutha, okwakunqunyelwe ngomthetho amaLevi, nabahlabeleli, nabalindisango, kanye neminikelo yabapristi.
6. Kepha kukho konke lokho ngangingekho eJerusalema, ngokuba ngomnyaka wamashumi amathathu nambili ka-Aritahishashita inkosi yaseBabele ngaya enkosini; nangasekugcineni kwezinsuku ngacela enkosini,
7. ngaya eJerusalema, ngaqonda okubi u-Eliyashibi akwenzele uThobiya ngokumlungisela ikamelo emagcekeni endlu kaNkulunkulu.
8. Kwaba kubi kakhulu kimi; ngalahla phandle zonke izinto zendlu kaThobiya zikhishwe ekamelweni.
9. Ngase ngithi mabahlambulule amakamelo; ngabuyisela khona izitsha zendlu kaNkulunkulu kanye neminikelo yempuphu nenhlaka.