Unehemiya 13:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngalolo suku kwafundwa encwadini kaMose ezindlebeni zabantu; kwafunyanwa kulotshiwe kuyo ukuthi owakwa-Amoni nowakwaMowabi abanakungena ebandleni likaNkulunkulu kuze kube phakade,

2. ngokuba abahlangabezanga abakwa-Israyeli ngesinkwa namanzi, kepha babaqashela uBileyamu ukuba abaqalekise; kodwa uNkulunkulu wethu waphendula isiqalekiso saba yisibusiso.

3. Kwathi sebezwile umthetho, bahlukanisa no-Israyeli yonke ingxubevange.

4. Ngaphambi kwalokho u-Eliyashibi, umpristi, owayemiselwe amakamelo endlu kaNkulunkulu wethu, isihlobo sikaThobiya,

5. wayemlungisele ikamelo elikhulu, lapho kade bebeka khona iminikelo yempuphu, nenhlaka, nezitsha, nokweshumi kwamabele, newayini, namafutha, okwakunqunyelwe ngomthetho amaLevi, nabahlabeleli, nabalindisango, kanye neminikelo yabapristi.

Unehemiya 13