Umshumayeli 7:7-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Impela ukucindezela kuyamhlanyisa ohlakaniphileyo,nokuthengwa ngomvuzo kuchitha ingqondo.

8. Kungcono ukuphela kwendaba kunokuqala kwayo;onomoya obekezelayo ungcono kunoziphakamisayo.

9. Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho,ngokuba ulaka luhlala ezifubeni zeziwula.

10. Ungasho ukuthi:“Kwenziwa kanjani ukuba izinsuku zokuqalazazizinhle kunalezi na?”Ngokuba awubuzi kanjalo ngokuhlakanipha.

Umshumayeli 7