Umshumayeli 7:6-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Njengokucacamba kwezintathawe eziphansi kwekhanzi,kunjalo ukuhleka kweziwula.Nalokho kuyize.

7. Impela ukucindezela kuyamhlanyisa ohlakaniphileyo,nokuthengwa ngomvuzo kuchitha ingqondo.

8. Kungcono ukuphela kwendaba kunokuqala kwayo;onomoya obekezelayo ungcono kunoziphakamisayo.

9. Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho,ngokuba ulaka luhlala ezifubeni zeziwula.

10. Ungasho ukuthi:“Kwenziwa kanjani ukuba izinsuku zokuqalazazizinhle kunalezi na?”Ngokuba awubuzi kanjalo ngokuhlakanipha.

11. Ukuhlakanipha kuhle njengefa,yebo, kunenzuzo kwabalibonayo ilanga,

12. ngokuba kusemthunzini wokuhlakaniphanjengasemthunzini wemali,kepha inzuzo yokwaziingeyokuba ukuhlakaniphakulondoloza ukuphila kwalowo onakho.

13. Bona umsebenzi kaNkulunkulu,ngokuba ngubani ongelula lokho akugobileyo na?

14. Yenama ngosuku lwenhlanhla,kepha ngosuku olubi qonda ukuthinalolu uNkulunkulu ulwenzile njengalolo,ukuze umuntu angafumani luthooluyakuba khona emva kwakhe.

15. Konke ngikubonile emihleni yami eyize:kukhona olungileyo obhubhile ekulungeni kwakhe,kukhona nomubi owelula ukuphila kwakhe ebubini bakhe.

16. Ungabi ngolungileyo ngokudluleleyo,ungazenzi ohlakaniphileyo kakhulu;uzichithelani na?

17. Ungabi mubi ngokudluleleyo,ungabi yisiwula;uyakufelani kungakabi yisikhathi na?

18. kuhle ukuba ubambelele kulokhu,yebo, ungabuyisi isandla sakho nakulokho,ngokuba owesaba uNkulunkuluuyakuphumelela kukho konke.

19. Ukuhlakanipha kumenza ohlakaniphileyoukuba abe namandla kunababusi abayishumi abasemzini.

20. Ngokuba akukho muntu emhlabeniolungileyo kangaka ukuba enze okuhle, angoni.

21. Ungabeki inhliziyo yakhoemazwini onke akhulunywayo,funa uzwe inceku yakho ikuthuka,

22. ngokuba kaninginingi inhliziyo yakhoiyazi ukuba nawe ubathukile abanye.

Umshumayeli 7