5. Kungcono ukuzwa ukukhuza kohlakaniphileyokunokuba umuntu ezwe ukuhlabelela kweziwula.
6. Njengokucacamba kwezintathawe eziphansi kwekhanzi,kunjalo ukuhleka kweziwula.Nalokho kuyize.
7. Impela ukucindezela kuyamhlanyisa ohlakaniphileyo,nokuthengwa ngomvuzo kuchitha ingqondo.
8. Kungcono ukuphela kwendaba kunokuqala kwayo;onomoya obekezelayo ungcono kunoziphakamisayo.
9. Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho,ngokuba ulaka luhlala ezifubeni zeziwula.
10. Ungasho ukuthi:“Kwenziwa kanjani ukuba izinsuku zokuqalazazizinhle kunalezi na?”Ngokuba awubuzi kanjalo ngokuhlakanipha.
11. Ukuhlakanipha kuhle njengefa,yebo, kunenzuzo kwabalibonayo ilanga,