26. Ngase ngifumana okubaba kunokufa:owesifazane onhliziyo yakhe iyizingibe namanetha,nezandla zakhe ziyizibopho;omuhle phambi kukaNkulunkulu uyakuphunyuka kuye,kepha isoni siyakubanjwa nguye.
27. “Bheka, nakhu engikufumene,” uthi uMshumayeli:“Ngibeka okunye kokunyeukuba ngithole indikimba yezindaba,
28. nokusafunwa ngumphefumulo wami,ngingakakufumani kodwa:indoda inye phakathi kwenkulungwane ngiyifumene,kepha owesifazane phakathi kwabo bonke labo angimfumananga.