Umshumayeli 7:23-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. Konke lokho ngikuvivinyile ngokuhlakanipha, ngathi:“Ngiyakuhlakanipha,”kepha kwakusala kude nami.

24. Okude nokujulile kakhulu,ngubani ongakufumana na?

25. Ngase ngiphendukaukuba inhliziyo yami yazi, ihlole,ifune ukuhlakanipha nendikimba yezindabaukuyokwazi ububi ukuthi bungubuwula,nobuwula ukuthi bungubuhlanya.

26. Ngase ngifumana okubaba kunokufa:owesifazane onhliziyo yakhe iyizingibe namanetha,nezandla zakhe ziyizibopho;omuhle phambi kukaNkulunkulu uyakuphunyuka kuye,kepha isoni siyakubanjwa nguye.

27. “Bheka, nakhu engikufumene,” uthi uMshumayeli:“Ngibeka okunye kokunyeukuba ngithole indikimba yezindaba,

28. nokusafunwa ngumphefumulo wami,ngingakakufumani kodwa:indoda inye phakathi kwenkulungwane ngiyifumene,kepha owesifazane phakathi kwabo bonke labo angimfumananga.

Umshumayeli 7