Umshumayeli 7:16-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Ungabi ngolungileyo ngokudluleleyo,ungazenzi ohlakaniphileyo kakhulu;uzichithelani na?

17. Ungabi mubi ngokudluleleyo,ungabi yisiwula;uyakufelani kungakabi yisikhathi na?

18. kuhle ukuba ubambelele kulokhu,yebo, ungabuyisi isandla sakho nakulokho,ngokuba owesaba uNkulunkuluuyakuphumelela kukho konke.

19. Ukuhlakanipha kumenza ohlakaniphileyoukuba abe namandla kunababusi abayishumi abasemzini.

20. Ngokuba akukho muntu emhlabeniolungileyo kangaka ukuba enze okuhle, angoni.

21. Ungabeki inhliziyo yakhoemazwini onke akhulunywayo,funa uzwe inceku yakho ikuthuka,

22. ngokuba kaninginingi inhliziyo yakhoiyazi ukuba nawe ubathukile abanye.

23. Konke lokho ngikuvivinyile ngokuhlakanipha, ngathi:“Ngiyakuhlakanipha,”kepha kwakusala kude nami.

24. Okude nokujulile kakhulu,ngubani ongakufumana na?

25. Ngase ngiphendukaukuba inhliziyo yami yazi, ihlole,ifune ukuhlakanipha nendikimba yezindabaukuyokwazi ububi ukuthi bungubuwula,nobuwula ukuthi bungubuhlanya.

26. Ngase ngifumana okubaba kunokufa:owesifazane onhliziyo yakhe iyizingibe namanetha,nezandla zakhe ziyizibopho;omuhle phambi kukaNkulunkulu uyakuphunyuka kuye,kepha isoni siyakubanjwa nguye.

27. “Bheka, nakhu engikufumene,” uthi uMshumayeli:“Ngibeka okunye kokunyeukuba ngithole indikimba yezindaba,

Umshumayeli 7