1. Gcina unyawo lwakho, lapho uya endlini kaNkulunkulu, ngokuba ukusondela ukuyokuzwa kungcono kunokunikela ngomhlatshelo weziwula, ngokuba azazi ukuthi zenza okubi.
2. Ungabi namawala ngomlomo wakho,nenhliziyo yakho mayingasheshi ukukhipha izwiphambi kukaNkulunkulu,ngokuba uNkulunkulu usezulwini,wena usemhlabeni;ngalokho amazwi akho mawabe yingcosana.
3. Ngokuba iphupho livelangemisebenzi emininginephimbo lesiwula ngobuningi bamazwi.
4. Lapho wenza isithembiso phambi kukaNkulunkulu, ungalibali ukusifeza, ngokuba akathokozi ngeziwula: feza lokhu okwethembisayo.
5. Kungcono ukuba ungenzi isithembiso kunokuba uthembisa ungafezi.
6. Ungavumeli umlomo wakho ukuba wonise inyama yakho, futhi ungasho phambi kwesithunywa sikaNkulunkulu ukuthi kuyiphutha; yini ukuba uNkulunkulu athukuthelele izwi lakho, achithe umsebenzi wezandla zakho, na?
7. Ngokuba lapho kukhona amaphupho amaningi, kukhona nokuyize namazwi amaningi, kepha wena yesaba uNkulunkulu.
8. Uma ubona ukudlovelwa kwabampofu nokuphangwa kokwahlulela nokokulunga ezweni, ungamangali ngakho, ngokuba omkhulu uqaphela omkhulu kunaye, futhi kukhona nabakhulu kunabo.
9. Inkosi esebenzela amasimu iyinsizakalo yezwe kukho konke.
10. Othanda imali akayikusutha ngemali,nothanda okuningi akaneliswa yizithelo;nalokho kuyize.
11. Lapho okuhle kwanda,nabakudlayo bayanda;kulusizo luni kumninikhongaphandle kokuba akubone ngamehlo akhe na?
12. Ubuthongo besisebenzi bumnandi,noma sidla okuyingcosana noma okuningi,kepha ukusutha kocebileyoakumvumeli ukuba alale.