10. Uma insimbi ibuthuntu,umuntu engaloli usiko,uyakhamelela ngamandla;kepha okusizayo ukuphumelelisa kungukuhlakanipha.
11. Uma inyoka iluma ingakalunjwa,umlumbi akasizi lutho.
12. Amazwi omlomo wohlakaniphileyo anomusa,kepha izindebe zesiwula ziyasigwinya sona.
13. Ukuqala kwamazwi omlomo waso angubuwula,nokugcina kokukhuluma kwaso kungubuhlanya obubi.
14. Isiwula siyandisa amazwi,nokho umuntu akazi okuyakuba khona;nalokho okuyakuba ngasemva kwakhe,ngubani ongamtshela lokho na?
15. Umshikashika weziwula uyaziqoba,ukuze zingazi nokuya emzini.
16. Maye kuwe lizwe onkosi yakho ingumntwana,nezikhulu zakho zinedili ekuseni!
17. Ubusisiwe wena lizwe onkosi yakho iyindodana yabakhulu,nezikhulu zakho zinedili ngesikhathi,ziziqinise, zingadakwa.
18. Ngobuvila obukhulu indlu iyabola,nangokwenqena kwezandla iyavuza.
19. Idili lenzelwa ukuhleka,newayini liyenamisa ukuphila,kepha imali iyimpendulo yakho konke.
20. Ungayiqalekisi inkosi nasemicabangweni yakho,ungabathuki abacebileyo nasekamelweni lakho lokulala,ngokuba inyoni yezulu iyakulihambisa izwi,nokunamaphiko kuyakuyilanda indaba.