Umika 4:3-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Uyakwahlulela phakathi kwezizwe eziningi,anqume phakathi kwezizwe ezinamandla ezikude;ziyakukhanda izinkemba zazo zibe ngamakhuba,imikhonto yazo ibe ngocelemba;isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba,zingabe zisafuna ukulwa.

4. Bayakuhlala,kube yilowo nalowo phansi komvini wakhenaphansi komkhiwane wakhe;akakho oyakubesabisa,ngokuba umlomo kaJehova Sebawoti ukhulumile.

5. Ngokuba bonke abantu bahamba,kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe,kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethukuze kube phakade naphakade.

6. “Ngalolo suku,” usho uJehova,“ngiyakubutha abaqhugayo,ngiqoqe abaxoshiweyo nengenze okubi kubo,

7. ngenze abaqhugayo babe yinsali,abadediselwe kude babe yisizwe esinamandla;uJehova uyakubusa phezu kwabo entabeni yaseSiyonikusukela manje kuze kube phakade.

8. Wena mbhoshongo womhlambi,negquma lendodakazi yaseSiyoni kuyakufika kuwe,yebo, ukubusa kokuqala kuyakufika,umbuso wendodakazi yaseJerusalema.”

9. Umemezelani manje ngokumemeza okungakho na?Ayikho inkosi kuwe,ubhubhile umluleki wakho,lokhu ubanjwe yimihelo njengobelethayo.

10. Yiba nemihelo, uzale,ndodakazi yaseSiyoni njengobelethayo,ngokuba manje uyakuphuma emzini,uhlale endle,ufike naseBabele,lapho uzakophulwa khona;lapho uJehova uyakukukhulula esandleni sezitha zakho.

11. Manje izizwe eziningi zikubuthanele;zithi: “Malingcoliswe,amehlo ethu alibuke iSiyoni.”

Umika 4