Umika 4:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kepha kuyakuthi ngezinsuku ezizayointaba yendlu kaJehovaiqiniswe esiqongweni sezintaba,iphakame kunamagquma,nabantu bayakugobhozela khona.

2. Izizwe eziningi ziyakuhamba, zithi:“Wozani sikhuphukele entabeni kaJehovanasendlini kaNkulunkulu kaJakobe;uyakusifundisa izindlela zakhe,sihambe emikhondweni yakhe,ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni,nezwi likaJehova eJerusalema.

3. Uyakwahlulela phakathi kwezizwe eziningi,anqume phakathi kwezizwe ezinamandla ezikude;ziyakukhanda izinkemba zazo zibe ngamakhuba,imikhonto yazo ibe ngocelemba;isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba,zingabe zisafuna ukulwa.

4. Bayakuhlala,kube yilowo nalowo phansi komvini wakhenaphansi komkhiwane wakhe;akakho oyakubesabisa,ngokuba umlomo kaJehova Sebawoti ukhulumile.

5. Ngokuba bonke abantu bahamba,kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe,kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethukuze kube phakade naphakade.

6. “Ngalolo suku,” usho uJehova,“ngiyakubutha abaqhugayo,ngiqoqe abaxoshiweyo nengenze okubi kubo,

7. ngenze abaqhugayo babe yinsali,abadediselwe kude babe yisizwe esinamandla;uJehova uyakubusa phezu kwabo entabeni yaseSiyonikusukela manje kuze kube phakade.

Umika 4