5. Usho kanje uJehova:“Ngabaprofethi abadukisa abantu bami,abathi, bese nakho okokuhlafuna ngamazinyo abo,bamemeze bathi: ‘Ukuthula,’nongabeki lutho emlonyeni wabo bamlungisele ukulwa.
6. Ngalokho ubusuku buyakunehlela ukuze ningabi nambono,kuhlwe kini, ningabe nisabhula;ilanga liyakushonela abaprofethi,usuku lube mnyama phezu kwabo.
7. Ababoni bayakuba namahloni,ababhuli bayangaze;bayakumboza amadevu abo bonke,ngokuba akuveli mpendulo kuNkulunkulu.”
8. Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehovangokulunga nangobuqhaweukuba ngimtshele uJakobe iziphambeko zakhe,u-Israyeli izono zakhe.
9. Ake nizwe lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobenani zikhulu zendlu yakwa-Israyelieninengwa ngukwahlulelwa,nihlanekezela konke ukulunga,
10. enakha iSiyoni ngegazi neJerusalema ngobubi,
11. elizinhloko zalo zahlulela ngemivuzo,nelibapristi balo bafundisa ngenkokhelo,nelibaprofethi balo babhula ngemali,bencike nokho kuJehova, bethi:“UJehova akaphakathi kwethu na?”Asiyikwehlelwa ngokubi.
12. Ngalokho ngenxa yenu iSiyoni liyakulinywa njengensimu,iJerusalema libe yincithakalo,intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.