1. Ngathi:“Zwanini nina zinhloko zakwaJakobe,nani zikhulu zendlu yakwa-Israyeli ukuthi:Akusikho okwenu ukwazi ukulunga
2. nina enizonda okuhle,nithanda okubi,enebula kubo isikhumba sabo,nenyama yabo emathanjeni abo,
3. enidla inyama yabantu bami,nihlinza kubo isikhumba sabo,naphula amathambo abo,yebo, nibaqoba njengokwasekhanzininanjengenyama phakathi kwebhodwe.”
4. Khona bayakukhala kuJehova,kepha akayikubaphendula;uyakusitheza ubuso bakhe kubo ngaleso sikhathingenxa yokwenza kwabo izenzo zabo zibe zimbi.
5. Usho kanje uJehova:“Ngabaprofethi abadukisa abantu bami,abathi, bese nakho okokuhlafuna ngamazinyo abo,bamemeze bathi: ‘Ukuthula,’nongabeki lutho emlonyeni wabo bamlungisele ukulwa.
6. Ngalokho ubusuku buyakunehlela ukuze ningabi nambono,kuhlwe kini, ningabe nisabhula;ilanga liyakushonela abaprofethi,usuku lube mnyama phezu kwabo.
7. Ababoni bayakuba namahloni,ababhuli bayangaze;bayakumboza amadevu abo bonke,ngokuba akuveli mpendulo kuNkulunkulu.”
8. Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehovangokulunga nangobuqhaweukuba ngimtshele uJakobe iziphambeko zakhe,u-Israyeli izono zakhe.
9. Ake nizwe lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobenani zikhulu zendlu yakwa-Israyelieninengwa ngukwahlulelwa,nihlanekezela konke ukulunga,
10. enakha iSiyoni ngegazi neJerusalema ngobubi,
11. elizinhloko zalo zahlulela ngemivuzo,nelibapristi balo bafundisa ngenkokhelo,nelibaprofethi balo babhula ngemali,bencike nokho kuJehova, bethi:“UJehova akaphakathi kwethu na?”Asiyikwehlelwa ngokubi.
12. Ngalokho ngenxa yenu iSiyoni liyakulinywa njengensimu,iJerusalema libe yincithakalo,intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.