Ulevitikusi 17:8-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. “Wothi kubo: ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo onikela ngomnikelo wokushiswa noma ngomhlatshelo,

9. engayilethi emnyango wetende lokuhlangana ukunikela ngawo kuJehova, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.

10. “ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyakumisa ubuso bami bumelane nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kubantu bakubo.

11. Ngokuba umphefumulo womzimba usegazini; ngimnike lona e-altare ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana, lokhu kuyigazi elenza ukubuyisana ngomphefumulo.

12. Ngalokho ngathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Makungabikho muntu kini odla igazi; nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu makangadli igazi.”

13. “ ‘Yilowo nalowo muntu wabantwana bakwa-Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo ozingela, abambe isilwane noma inyoni edliwayo, makachithe igazi layo, alisibekele ngothuli.

14. Ngokuba umphefumulo wenyama yonke, igazi layo lihlangene nomphefumulo wayo; ngalokho ngathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Maningadli igazi lenyama noma iyiphi, ngokuba umphefumulo wenyama yonke uyigazi layo; yilowo nalowo oyidlayo uyakunqunywa.”

15. “ ‘Yilowo nalowo odla ingcuba noma lokho okudweshulwe yizilo, noma engowokuzalwa ekhaya noma engumfokazi, makahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe; khona uyakuhlambuluka.

16. Kepha uma engazihlanzi, angagezi umzimba wakhe, uyakuthwala ububi bakhe.’ ”

Ulevitikusi 17